Mathewu 5:38-47

Mathewu 5:38-47 ZULUNT

Nizwile kwathiwa: Iso ngelihlo, nezinyo ngezinyo; Kepha mina ngithi kini: Ningamelani nokubi; Uma umuntu ethanda ukukumangalela, akuphuce ingubo yakho, myeke athathe nesambatho sakho; Noma ngubani okuphoqa ukuba uhambe imayela elilodwa hamba naye abe mabili. Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukuboleka kuwe. Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele; ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi njalo nabathelisi na? Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?

Funda Mathewu 5

Video for Mathewu 5:38-47