Mathewu 25:14-30

Mathewu 25:14-30 ZULUNT

Ngokuba umbuso wezulu unjengomuntu owaya ezweni elikude, wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe. Enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye amabili, nenye elilodwa; yilowo nalowo ngokwamandla akhe; wahle wasuka wahamba. Khona obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba wasebenza ngawo, wazuza amanye amatalenta ayisihlanu. Kanjalo nobamukele amabili wazuza amanye amabili. Kepha obamukele yanye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe. Emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezo zinceku, yalandisana nazo. Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: ‘Nkosi, wanginika amathalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.’ Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo! Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: ‘Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili phezu kwawo. Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo; ubuthembekile ezintweni eziyingcosana, ngizakubeka phezu kwezinengi; ngena entokozweni yenkosi yakho. Khona weza obamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi wena ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ongahlwanyelanga khona, ubutha lapho ongazange uhlakaze khona; Ngase ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, usunakho okwakho. Inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: Nceku embi nevilaphayo, ubuwazi ukuthi ngivuna lapho engingahlwanyelanga khona, futhi ngibutha lapho ngingahlwazanga khona; Ngakho-ke ngabe ubeke imali yami kwabahwebi, khona-ke ekufikeni kwami ngabe ngimukele okwami nenzalo. Ngakho mthatheni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, abe nokuchichima; Lapho inceku engancediyo yiphoseleni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuzakuba khona ukukhala lokugedla amazinyo.