Mathewu 17:14-27

Mathewu 17:14-27 ZULUNT

Kwathi sebefikile exukwini, kweza kuye indoda ethile, yaguqa phambi kwakhe, yathi: Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inosathane, ikhathazekile; ngokuba iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha behlulekile ukuyiphulukisa. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi. UJesu wamkhuza idemoni; waphuma kuye; umntwana waphulukiswa kusukela ngaleso sikhathi. Khona abafundi beza kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na? UJesu wathi kubo: “Ngenxa yokungakholwa kwenu; futhi iyosuka; njalo kakukho okungenzeki kini. Nokho lolu hlobo aluphumi kuphela ngokukhuleka nokuzila ukudla. Kwathi besahlezi eGalili, uJesu wathi kubo: INdodana yomuntu izanikelwa ezandleni zabantu. njalo bazambulala, kodwa ngosuku lwesithathu izavuswa. Basebedabuka kakhulu. Sebefikile eKapernawume, kweza kuPetru abakhokha intela, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli yini imali? Wathi: Yebo. Esengenile endlini, uJesu wamandulela, wathi: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubani intela nenkokhiso? kubantwana babo, kumbe kwabafokazi? UPetro wathi kuye: Kwabezizweni. UJesu wathi kuye: Ngakho-ke abantwana bakhululekile. Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala; wothi ukuba uyivule umlomo, uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.”

Ividiyo ye- Mathewu 17:14-27