Nalokho enithanda ukuba abantu benze kini, yenzani kanjalo nani kubo. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zithanda abazithandayo. Uma nenza okuhle kwabanenzela okuhle, ninakubongwa kuni na? ngoba nezoni zenza njalo. Futhi uma nitsheleka enithemba ukwemukela kubo, ninakubongwa kuni na? ngokuba nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele lokho. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi. Ngakho yibani-nesihawu, njengalokhu noYihlo enesihawu. Ningahluleli, khona aniyikwahlulelwa; ningalahli, khona aniyikulahlwa; Yiphani, khona niyakuphiwa; isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishiwe, esichichimayo, bayakuninika esifubeni senu. Ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.
Funda Luka 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 6:31-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo