Luka 23:26-38

Luka 23:26-38 ZULUNT

Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bambethela isiphambano, ukuba asithwale emva kukaJesu. Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu, nabesifazane ababemkhalela, bemlilela. Kodwa uJesu ephendukela kubo wathi: Madodakazi aseJerusalema, lingangikhaleli mina, kodwa zikhaleleni lina labantwana benu. Ngokuba bhekani, ziyeza izinsuku abayakusho ngazo ukuthi: ‘Zibusisiwe izinyumba, nezizalo ezingazalanga, namabele angamunyisanga. Khona bayakuqala ukuthi ezintabeni: Welani phezu kwethu; nasezintabeni: Sisibekele. Ngokuba uma benza lokho esihlahleni esiluhlaza, kuyakwenziwani kowomileyo na? Kwakukhona-ke nezinye izelelesi ezimbili, zasiwa kanye laye ukuze zibulawe. Sebefikile endaweni ethiwa uKhalvari, bambethela khona kanye nezelelesi, esinye ngakwesokunene, nesinye ngakwesokhohlo. UJesu wayesethi: “Baba, bathethelele; ngoba kabakwazi abakwenzayo. Babelana izingubo zakhe, benza inkatho yokuphosa. Abantu bema bebukela. Nababusi bamhleka usulu, bathi: “Wasindisa abanye; akazisindise, uma enguKristu, okhethiweyo kaNkulunkulu. Namasosha amklolodela, eza kuye, amnika uviniga. besithi: Uba wena uyinkosi yabaJuda, zisindise. Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA.

Funda Luka 23