Luka 1:26-55

Luka 1:26-55 ZULUNT

Ngenyanga yesithupha ingelosi uGabriyeli yathunywa nguNkulunkulu emzini waseGalile othiwa iNazaretha. Entombini eyayimiselwe indoda egama layo linguJosefa wendlu kaDavide; lebizo lentombi nguMariya. Ingelosi yangena kuye, yathi: “Sawubona, wena ophiwe umusa, uJehova unawe; ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane. Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele; Bheka, u-Elisabethe umzala wakho, naye ukhulelwe indodana esebudaleni bakhe; Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu. UMariya wathi: “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi; makube kimi njengezwi lakho. Ingelosi yamuka kuye. Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda; Wangena endlini kaZakariya, wabingelela u-Elisabethe. Kwathi u-Elisabethe ezwa ukubingelela kukaMariya, umntwana waxhuma esizalweni sakhe; u-Elisabethe wagcwala uMoya oNgcwele; Wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena phakathi kwabesifazane, futhi sibusisiwe isithelo sesisu sakho. Kuzuzeni lokhu ukuba unina weNkosi yami eze kimi na? Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lizwakala ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esizalweni sami ngokujabula. Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuyakuba khona ukugcwaliseka kwalokho akutshelwa yiNkosi. UMariya wasesithi: Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi. Nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu uMsindisi wami. Ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe, ngokuba bheka, kusukela manje izizukulwane zonke ziyakuthi ngibusisiwe. Ngoba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu; lingcwele igama lakhe. Futhi umusa wakhe uzizukulwane ngezizukulwane kulabo abamesabayo. Wenzile amandla ngengalo yakhe; ubachithile abazidlayo ekucabangeni kwezinhliziyo zabo. Wehlise abanamandla ezihlalweni zabo zobukhosi, wabaphakamisa abaphansi. Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho. Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ekhumbula umusa wakhe; njengalokho yakhuluma kokhokho bethu ku-Abrahama nenzalo yakhe kuze kube phakade.

Funda Luka 1