Njengoba abanengi sebebambele isandla ukuhlela isimemezelo sezinto ezikholwayo phakathi kwethu, njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi; Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi iqiniso lezinto ozifundisiweyo. Emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya kwakukhona umpristi othile ogama lakhe linguZakariya, owesigaba sika-Abiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe kungu-Elisabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi bengasoleki. Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.
Funda Luka 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 1:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo