Johane 3:1-16

Johane 3:1-16 ZULUNT

Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda; Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye. UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na? UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha. Umoya uphephetha lapho othanda khona, uyawuzwa umsindo wawo, kepha awukwazi lapho uvela khona nalapho uya khona; unjalo wonke ozelwe nguMoya. UNikodima waphendula wathi kuye: Kungenzeka kanjani lokhu na? UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awuzazi lezi zinto na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. Uma nginitshelile okusemhlabeni, ningakholwa, niyakukholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini. Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa; ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.

Funda Johane 3