EkaJokobe 2:1-8

EkaJokobe 2:1-8 ZULUNT

Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi ngokukhetha abantu. Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile; Nimhlonipha owembethe ingubo ewubukhazikhazi, nithi kuye: “Hlala wena lapha endaweni enhle; nithi kwabampofu: ‘Yima wena lapho, noma uhlale lapha phansi kwesenabelo sezinyawo zami; Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na? Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo? Kepha nina nibadelile abampofu. Izicebi azinicindezeli yini, zinidonsele phambi kwezihlalo zokwahlulela na? Abahlambalazi yini igama elihle enibizwa ngalo na? Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJokobe 2:1-8