KwabaseGalathiya 4

4
KwabaseGalathiya 4
1Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke;
2kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise.
3Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe;
4Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.
5ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana.
6Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!
7Ngakho-ke awuseyona inceku, kodwa indodana; uma uyindodana, uyindlalifa kaNkulunkulu ngoKristu.
8Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo.
9Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?
10Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka.
11Ngiyanesaba, funa ngisebenzele ize phezu kwenu.
12Ngiyanincenga, bazalwane, ukuthi yibani njengami; ngokuba nami nginjengani; aningilimazanga nakanye.
13Niyazi ukuthi ngobuthakathaka benyama ngashumayela ivangeli kini ekuqaleni.
14Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.
15Pho-ke iphi isibusiso enakhuluma ngaso na? ngokuba ngiyanifakazela ukuthi, uma bekungenzeka, beniyakukhupha amehlo enu, ninginike wona.
16Ngakho sengaba yisitha senu yini, ngokuba nginitshela iqiniso?
17Bayanishisekela, kodwa hhayi kahle; yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nibaphathe kabi.
18Kodwa kuhle ukutshiseka entweni enhle njalonjalo, kungabi nxa ngilani kuphela.
19Bantwanyana bami, engibuye ngibe nemihelo ngabo, uKristu aze abunjwe kini.
20Ngifisa ukuba khona kini manje, ngiguqule izwi lami; ngoba ngiyaningabaza.
21Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?
22Ngokuba kulotshiwe ukuthi u-Abrahama wayenamadodana amabili, enye kweyesigqilakazi, enye kowesifazane okhululekileyo.
23Kepha owesigqilakazi wazalwa ngokwenyama; kodwa owesifazana okhululekileyo wenziwa ngesithembiso.
24Okuyizinto eziyisifanekiso; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili; omunye uvela entabeni yaseSinayi, ozalela ubugqila, ongu-Agari.
25Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.
26Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.
27Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Jabula wena nyumba ongazalanga; gqamuka ukhale, wena ongabhibhiyo, ngokuba abantwana boyisigebenga baningi kunalowo onomyeni.
28Kepha thina, bazalwane, njengo-Isaka singabantwana besithembiso.
29Kodwa njengakulesosikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo lakhathesi.
30Nokho uthini umbhalo na? Khipha isigqilakazi nendodana yaso, ngokuba indodana yesigqilakazi ayiyikudla ifa kanye nendodana yokhululekileyo.
31Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabokhululekileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseGalathiya 4: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume