KwabaseGalathiya 4:1-9

KwabaseGalathiya 4:1-9 ZULUNT

Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke; kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe; Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho. ukuze ahlenge abaphansi komthetho, ukuze samukele ukuma kwamadodana. Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba! Ngakho-ke awuseyona inceku, kodwa indodana; uma uyindodana, uyindlalifa kaNkulunkulu ngoKristu. Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo. Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 4:1-9