Kwabase-Efesu 2:14-19

Kwabase-Efesu 2:14-19 ZULUNT

Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba-nye, wadiliza ugange oluphakathi oluhlukanisayo; Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula; lokuthi enze ukuthi bobabili babuyisane loNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngaso; Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba. Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu