Kwabase-Efesu 2:1-5

Kwabase-Efesu 2:1-5 ZULUNT

Nani uniphilise enanifile ngeziphambeko nezono; enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli; Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye. Kodwa uNkulunkulu ocebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo. Nalapho sasifile ezonweni, wasiphilisa kanye noKristu, (ngomusa nisindisiwe;)