IzEnzo 25:13-27

IzEnzo 25:13-27 ZULUNT

Kwathi emva kwezinsuku ezithile u-Agripha inkosi noBernike bafika eKesariya ukuyobingelela uFestu. Sebehlale khona izinsuku eziningi, uFestu wayilandisa inkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eshiywe nguFeliksi iboshiwe; okwathi lapho ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda bangibikela, befuna ukwahlulelwa. Engabaphendula ngathi: Kakusiwo umkhuba wamaRoma ukunikela umuntu ukuthi afe, omangalelweyo engakahlanganisi abammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala lakhe. Ngakho-ke sebefikile lapha, angilibalanga ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba le ndoda ilethwe. Kwathi sebesukuma abamangaleli, kabavezanga cala lalezo zinto engangizicabanga. Kepha babe nezimpikiswano ezithile naye ngenkolo yabo siqu, nangalowo uJesu owafayo, lowo uPawulu athi uyaphila. Kwathi mina ngingabaza ngalemibuzo, ngambuza ukuthi angathanda yini ukuya eJerusalema, ahlulelwe khona ngalezizinto. Kepha uPawulu eselidlulisele icala lokuba agcinelwe icala lika-Awugustu, ngayala ukuba agcinwe, ngize ngimthumele kuKesari. U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami ngiyathanda ukumuzwa lowo muntu; Wathi, kusasa nizamuzwa. Ngangomuso u-Agripha esefikile noBernike ngokugabadela okukhulu, bangena endaweni yokulalela, nezinduna zenkulungwane nezinhloko zomuzi, ngomyalo kaFestu, uPawulu walethwa. UFestu wathi: “Nkosi Agripha, nani nonke madoda enikhona lapha kanye nathi, niyayibona le ndoda lonke uquqaba lwabaJuda eyenze kimina ngaye, eJerusalema nalapha, imemeza ngokuthi akufanele aphile. futhi. Kodwa mina ngithole ukuthi akenzanga lutho olufanele ukufa, lokuthi yena ngokwakhe walidlulisela kuAwugusi, ngaquma ukumthuma. Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi yami. Ngakho-ke ngimethulile phambi kwenu, futhi ikakhulukazi phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi ngemva kokuhlolwa ngibe nakho engingakuloba. Ngokuba ngibona kungenangqondo ukuthumela isiboshwa, kungavezwa namacala aso.

Funda IzEnzo 25