IzEnzo 2:42-47

IzEnzo 2:42-47 ZULUNT

Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni. Ukwesaba kwehlela wonke umuntu; kwenzeka izimangaliso eziningi nezibonakaliso ngabaphostoli. Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; bathengisa ngempahla yabo lempahla zabo, babela bonke njengokuswela kwawo wonke. Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo. bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

Funda IzEnzo 2