2 kuThimothewu 4

4
KuThimothewu 2-4
1Ngakho ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu neNkosi uJesu Kristu ozakwahlulela abaphilayo nabafileyo ngokubonakala kwakhe nombuso wakhe;
2Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
3Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe;
4njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni.
5Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.
6Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.
7Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga lami, ngigcinile ukukholwa;
8Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.
9Yenza ngenkuthalo ukuthi uze kimi masinyane.
10Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
11NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni.
12UThikhiku ngimthumele e-Efesu.
13Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu, ekufikeni kwakho, ulethe kanye nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.
14U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe;
15Mqaphele nawe; ngoba umelane kakhulu lamazwi ethu.
16Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;
17Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.
18INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
19Khonzani koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu.
20U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula.
21Khuthalela ukufika ngaphambi kobusika. Uyakhonza kuwe u-Eubhulo, noPude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.
22INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)

Okuqokiwe okwamanje:

2 kuThimothewu 4: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume