1 kwabaseThesalonika 5

5
KwabaseThesalonika 1-5
1Kepha ngokwezikhathi nezinkathi, bazalwane, anidingi ukuba nginilobele.
2Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
3Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.
4Kepha nina, bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice njengesela.
5Lina lonke lingabantwana bokukhanya labantwana bemini;
6Ngakho-ke masingalali njengabanye; kodwa masiqaphele, sibe sisangulukile.
7Ngokuba abalalayo balala ebusuku; nabadakwayo badakwa ebusuku.
8Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nothando; nesigqoko sokuzivikela, ithemba lensindiso.
9Ngoba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka, kodwa ukuzuza insindiso ngeNkosi yethu uJesu Kristu;
10owasifelayo, ukuze kuthi, loba siphaphama kumbe silele, siphile kanye laye.
11Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.
12Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, abaniyalayo;
13nibazise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. futhi nihlalisane ngokuthula.
14Siyanincenga, bazalwane, ukuba nibaxwayise abaxhwalayo, niduduze abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibekezelele abantu bonke.
15Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu.
16Jabulani njalonjalo.
17Khulekani ningaphezi.
18kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
19Ningawucimi uMoya.
20Ningadeleli ukuprofetha.
21Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle.
22Dedani kukho konke okubi.
23UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
24Uthembekile onibizayo, oyakukwenza futhi.
25Bazalwane, sikhulekeleni.
26Bingelelani abazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
27Ngiyanifungisa ngeNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane abangcwele.
28Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseThesalonika yabhalwa ise-Athene.)

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseThesalonika 5: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo