Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo. Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngeNkosi uJesu. Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni; ukuze yilowo nalowo kini azi ukuthi angasiphatha kanjani isitsha sakhe ngobungcwele nangodumo; kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu; ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza. Ngoba uNkulunkulu kasibizelanga ekungcoleni, kodwa ebungcweleni. Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.
Funda 1 kwabaseThesalonika 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 4:1-8
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
10 Days
As a pastor, you spend a lot of time leading and encouraging others. The Bible has encouragement for you, too. This 10-day reading plan walks you through 10 practical ways to strengthen the health of your church by learning to rely fully on God. With short but powerful verses and a focused thought for each day, Growing a Healthy Church is a great boost for your daily prayer time.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo