1 kaPetru 3:8-12

1 kaPetru 3:8-12 ZULUNT

Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa; ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso. Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele. Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.