UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kubo abezizwe abahlakazekele ePontu, naseGalathiya, naseKaphadosiya, nase-Asiya, naseBhithiniya, ngokokwazi ngaphambili kukaNkulunkulu uBaba ngokungcweliswa kukaMoya, kube ekulaleleni nasekufafazweni kwegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kini umusa nokuthula. Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo. Elifani elingenakonakala, nelingangcolile, nelingabuniyo, elibekelwe nina ezulwini. nina enigcinwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo kube yinsindiso elungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina. elithokoza kakhulu ngakho, lanxa khathesi, uba kudingekile, seliselusizini ngezilingo ngezilingo; ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu; Eningambonanga niyamthanda; enikholwa kuye, nakuba ningamboni manje, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo negcwele inkazimulo
Funda 1 kaPetru 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaPetru 1:1-8
5 Days
This Life.Church Bible Plan is a study of 1 Peter to accompany Pastor Craig Groeschel’s series, Different. In this world, you’ll have struggles. You’ll face opposition. You’ll be challenged. And there’s a reason for that: this world is not your home. So answer hate with love, find joy in the midst of trials, and rely on a strength beyond yourself. You’re meant to be … different .
5 Izinsuku
Ngencwadi yakhe egxile ethembeni ayibhalela ibandla lekhulu lokuqala, uPetru usikhuthaza ukuba sithembele futhi silalele, sihlale sigxilile okholweni lwethu njengoba sikhuthazelela izilingo noshushiso. Usikhumbuza ukuthi ngenxa yalokho esiyikho kuKristu, sinikwa amandla okuphila izimpilo ezingcwele, futhi singabheka phambili ekutholeni ifa laphakade.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo