Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane. kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso.
Funda 1 kaJohane 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaJohane 3:11-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo