Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi. Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba. Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.
Funda UZakhariya 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UZakhariya 9:9-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo