URuthi 3

3
URuthi Ulala Ezinyaweni ZikaBhowazi
1 UNawomi, uninazala kaRuthi, wathi kuye: “Ndodakazi yami, ngingakufuneli yini umuzi ukuze konke kukuhambele kahle, na? 2 UBhowazi lona obusebenza nezincekukazi zakhe akayiso yini isihlobo sethu esisondele, na? Bheka, namuhla kusihlwa uyokwela ibhali esibuyeni. 3Geza, uziqhole ngamakha, ugqoke kahle bese wehla uye esibuyeni. Ungaqale uziveze kuye engakaqedi ukudla nokuphuza. 4Ubombheka ukuthi uzolala kuphi, bese uya lapho, ufike uphakamise ingubo ezinyaweni zakhe uzishutheke, yena-ke uyokutshela ukuthi wenzeni.”
5URuthi waphendula wathi: “Konke lokho okushoyo ngizokwenza.”
6Wayesehla waya esibuyeni, wafike wenza njengalokhu uninazala emyalile.
7UBhowazi wadla, waphuza, wenama, wayesehla eyolala ngasekugcineni kwenqwaba yebhali. URuthi wanyonyoba wembula ingubo ezinyaweni zikaBhowazi, walala lapho. 8Kuthe phakathi kwamabili uBhowazi waphaphama. Mamo! Nangu owesifazane elele ezinyaweni zakhe! 9 Wambuza wathi: “Ungubani wena, na?”
Waphendula wathi: “NginguRuthi, incekukazi yakho. Ake welule ichopho lengubo yakho ungifukamele, ngokuba ungumhlengi.”
10Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu. 11 Manje ndodakazi yami, ungesabi, konke okucelayo ngizokwenzela khona. Ngokuba bonke abantu bakithi bayazi ukuthi ungowesifazane onesimilo. 12 Impela kuliqiniso ukuthi ngiyisihlobo sakho, kodwa kukhona omunye umhlengi oseduze kakhulu kunami. 13Okwanamuhla kulobu busuku ungalala, kuzothi ekuseni ngikhulume naye. Uma engathandi ukukuhlenga kulungile, mina ngizokuhlenga. Ngiyakwethembisa phambi kukaSimakade; lala kuze kuse.”
14URuthi walala lapho ngasezinyaweni zikaBhowazi kwaze kwasa, wavuka kusemnyama kungakabonakali lutho. UBhowazi wathi: “Angifuni kwazi muntu ukuthi kuke kwafika owesifazane lapha esibuyeni.”
15UBhowazi wayesethi kuye: “Letha leli bhayi obulembethe, ulendlale lapha.”
Ngempela uRuthi wenza kanjalo. UBhowazi wathela kulo ibhali elinesisindo esicishe sibe ngama-efa amabili, wamethwesa lona. URuthi wathwala leso sijumbana, wenyukela ekhaya naso.
16Wathi uma efika ekhaya uninazala wambuza wathi: “Uhambe kanjani ndodakazi yami, na?”
URuthi wamtshela konke okwakwenzekile nayekushilo uBhowazi. 17Waqhubeka uRuthi wathi: “Uthe: ‘Awuzukubuyela emuva kunyokozala ungaphethe lutho,’ wayesengipha nanti ibhali elicishe libe ngama-efa amabili.”
18UNawomi wayesethi: “Hlala nje ndodakazi yami ulinde, uze ubone ukuthi lolu daba luphetha kanjani. Nakanjani ngeke behle ubuthongo kuBhowazi engaluphethile lolu daba.”

Okuqokiwe okwamanje:

URuthi 3: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume