KwabaseRoma 8:23-25

KwabaseRoma 8:23-25 ZUL20

Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu. Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na? Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.