Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo. Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni eziyihlazo; ngokuba ngisho nabesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo, kwaba ngokuphambene nemvelo. Kanjalo nabesilisa, bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ukukhanukelana bodwa. Abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bazitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo. Njengalokhu benqaba ukukubona, kuyinto enhle ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabayekela ekungaqondini kwabo ukwenza okungemukelekile. Bagcwele konke ukungalungi; ukonakala, umhobholo nobubi; begcwele umhawu, ukubulala, ukuphikisana, inkohliso, ubuqili nokuhleba. Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali; abanangqondo, abathembekile, abanaluthando, futhi abanasihe. Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.
Funda KwabaseRoma 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseRoma 1:24-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo