KwabaseRoma 1:21-25

KwabaseRoma 1:21-25 ZUL20

Ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabaze bamdumisa noma bambonge njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekucabangeni kwabo, ingqondo yabo nenhliziyo yabo yafiphazwa. Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula, baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo ukuba ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo. Ngakho-ke uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo ukuba baqhubeke ekungcoleni, bathela ngehlazo imizimba yabo. Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.