Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho ngezwi okungathi ngumsindo wokuduma kwezulu, sithi: “Woza!” Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba. Kwathi lapho selivula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!” Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nogibele kulo wanikwa ukuba ayoqeda ukuthula emhlabeni, ukuze abantu babulalane; wanikwa futhi nenkemba enkulu. Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimnyama, nogibele kulo ephethe isilinganisi esandleni sakhe. Ngase ngizwa kusengathi yizwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolo ngodenariyu, nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu, kodwa amafutha newayini ungakoni.” Kwathi lapho selivula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine, lithi: “Woza!” Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.
Funda ISambulo 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ISambulo 6:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo