Ingelosi enamandla yaqukula itshe lokugaya elikhulu, yaliphonsa olwandle, ithi: “Liyakwenziwa kanjalo iBhabhiloni umuzi omkhulu, liphonswe ngamandla, lingabe lisatholakala nanini. Umsindo wababetha ihabhu, owabahlabeleli, owabashaya imitshingo namacilongo, awusophinde futhi uzwakale kuwe. Zonke izingcweti ezenza noma yimiphi imisebenzi azisayukuba bikho kuwe nanini, umsindo wetshe lokusila awusayukuphinde uzwakale kuwe, ukukhanya kwesibani akuyukubuye kukhanye kuwe, izwi lomyeni nelomlobokazi alisoze laphinda lizwakale kuwe, ngokuba abahwebi bakho babengabadumile emhlabeni, futhi udukisile izizwe zonke ngokuthakatha kwakho, futhi kwatholakala kuwe igazi labaphrofethi, elabangcwele, nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.”
Funda ISambulo 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: ISambulo 18:21-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo