AMahubo 95:1-5

AMahubo 95:1-5 ZUL20

Wozani simhubele uSimakade, silihlokomele ngenjabulo idwala lensindiso yethu. Masize phambi kwakhe ngokubonga, simhubele amahubo. Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke. Esandleni sakhe kukhona izinzulu zomhlaba, neziqongo zezintaba ngezakhe nazo. Ulwandle ngolwakhe, walwenza, nomhlabathi owomileyo wawubumba ngezandla zakhe.