AMahubo 72:1-13

AMahubo 72:1-13 ZUL20

Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho. Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa. Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga. Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli. Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga. Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo, izitha zayo zikhothe uthuli. Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho. Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 72:1-13