Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho, ekudabuleni kwakho ihlane, umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi yazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli. Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selehlulekile, waliqinisa. Ibandla lakho lakha kulo, ngobuhle bakho, wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu. INkosi ikhiphe izwi, isixuku esikhulu sabesifazane sabika indaba ejabulisayo. Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango, noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo. Ngesikhathi uSomandla ehlakaza amakhosi lapho, kwakhithika iqhwa eZalimoni. Intaba kaNkulunkulu yintaba iBhashani; intaba eneziqongo. Kungani nina zintaba ezimagqumagquma nibuka, niyibuka ngonya intaba uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na? Yebo, uSimakade uzohlala kuyo kuze kube phakade. Izinqola zempi zikaNkulunkulu ezinamandla eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili, izinkulungwane ngezinkulungwane iNkosi iphakathi kwazo, iSinayi isendaweni engcwele. Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.
Funda AMahubo 68
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 68:7-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo