AMahubo 33:12-19

AMahubo 33:12-19 ZUL20

Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe. USimakade esezulwini ubuka phansi emhlabeni, ababone bonke abantu. Esesihlalweni sakhe sobukhosi, ubabuka bonke abakhileyo emhlabeni, nguYena owadala izinhliziyo zabo bonke; oqaphela zonke izenzo zabo. Inkosi ayisindiswa wubuningi bempi yayo; iqhawe alikhululwa ngamandla alo amakhulu. Ihhashi lempi liyize ekunqobeni, alisindisi ngamandla alo amakhulu. Impela iso likaSimakade liphezu kwalabo abamesabayo, kulabo abethembela emseni wakhe, ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni, nokubagcina bephilile endlaleni.