AMahubo 26:1-12

AMahubo 26:1-12 ZUL20

Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza. Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami. Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho. Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu. Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali. Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade, ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho. Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho. Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi, abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo, esokunene sabo sigcwele imifumbathiso. Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi. Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.