AMahubo 139:7-12

AMahubo 139:7-12 ZUL20

Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.