Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho. Susa kimi inhlamba nokweyiswa, ngokuba ngibugcinile ubufakazi bakho. Noma izikhulu zihlala zikhuluma ngami; inceku yakho izindla ngezimiso zakho. Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami. Umphefumulo wami unamathela othulini; ngiphilise ngokwezwi lakho. Ngimemezele izindlela zami, Wena wangizwa; ngifundise izimiso zakho. Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho. Umphefumulo wami uyakhala ngenxa yosizi; ngiqinise ngokwezwi lakho. Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho. Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami. Ngibambelele ebufakazini bakho; ungangijabhisi, Simakade. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho, ngokuba uyakungivumela ukuba ngenze kanjalo. Simakade, ngikhombise indlela yezimiso zakho; ngizoyigcina kuze kube sekugcineni. Ngiphe ingqondo, ukuze ngiwuqaphele umthetho wakho, ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke. Ngihambise endleleni yemiyalo yakho, ngokuba ngiyathokoza ngayo. Inhliziyo yami yiguqulele ebufakazini bakho, ukuze ngingafuni nzuzo ngokungalungile. Phendula amehlo ami angakuboni okuyize, ungiphilise endleleni yakho. Yigcwalise encekwini yakho inkulumo yakho eyenza ukuba wesatshwe. Dlulisa kimi inhlamba engiyesabayo, ngokuba izehlulelo zakho zinhle. Ngilangazelela iziyalezo zakho; ngokulunga kwakho ngiphilise. Umusa wakho mawuze kimi, Simakade, insindiso yakho ngokwezwi lakho. Khona ngiyakumphendula ongichukuluzayo, ngokuba ngiyalethemba izwi lakho. Ungalisusi emlonyeni wami izwi leqiniso, ngokuba ngiyazethemba izehlulelo zakho. Khona ngiyowugcina njalo umthetho wakho, kuze kube phakade. Ngizohamba ngenkululeko, ngokuba ngifuna iziyalezo zakho. Ngizokhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi. Ngiyathokoza ngemiyalo yakho engiyithandayo. Ngiyakuyihlonipha imiyalo yakho, engiyithandayo, futhi ngizozindla ngezimiso zakho.
Funda AMahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 119:21-48
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo