KwabaseFiliphi 1:21-27

KwabaseFiliphi 1:21-27 ZUL20

Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; kanti futhi ukuhlala kulo mzimba kudingeke kakhulu ngenxa yenu. Nginaso lesi siqiniseko, futhi ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kuqhubeke ukuthokoza kwenu ekukholweni, ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini. Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.