NgokukaMakhu 9:30-50

NgokukaMakhu 9:30-50 ZUL20

Basuka lapho, badabula iGalile; uJesu akathandanga ukuba kwazi muntu, ngokuba wayefundisa abafundi bakhe. Wathi kubo: “INdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu, bazakuyibulala; kuyakuthi isibulewe, ivuke emva kwezinsuku ezintathu.” Kepha abakuqondanga lokho ayekusho, besaba nokumbuza. Base beya eKhaphernawume. Kwathi esengene endlini, wababuza, ethi: “Yini le ebeniqagulisana ngayo endleleni na?” Kepha bathula du, ngokuba babephikisana endleleni ngokuthi ngubani omkhulu. Wahlala phansi, wabiza abali-12, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke, nesikhonzi sabo bonke.” Wayesethatha umntwana, wammisa phakathi kwabo, wamgona, maqede wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami, uyangamukela Mina. Ongamukelayo, akamukeli Mina nje, kodwa wamukela ongithumileyo.” UJohane wayesethi kuye: “Mfundisi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho; samenqabela, ngokuba engesiye umlandeli wethu.” Kepha uJesu wathi: “Ningamenqabeli, ngokuba akekho owenza izimangaliso ngegama lami ongaguquka ngokuphazima kweso akhulume kabi ngami; ongamelene nathi, ungakithi. Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKhristu, ngiqinisile ngithi kini: akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe. “Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa kimi, kuyakuba ngcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle. “Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye esihogweni, emlilweni ongacimekiyo, unezandla zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma unyawo lwakho lukukhubekisa, lunqume. Kungcono ungene ekuphileni uyinquge kunokuba uphonswe esihongweni, emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe. Kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uyindlobho kunokuba uphonswe esihongweni unamehlo omabili. Lapho impethu yakhona ingafi, nomlilo wakhona ungacimi. “Yilowo nalowo uyovivinywa ngomlilo. “Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”