UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.” Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.” Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamphakamisa; wayesesukuma. Sebengenile endlini, abafundi bakhe bambuza ngasese, bathi: “Kungani thina sehlulekile ukuwukhipha na?” UJesu wathi kubo: “Lolu hlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka.”
Funda NgokukaMakhu 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 9:25-29
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo