Base befika endaweni okuthiwa iGethsemane; wayesethi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisaya kokhuleka.”
Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi. Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”
Wayeseqhubeka ibangana, wawa phansi, wathandaza ukuba uma kungenzeka, mawedlule lo mzuzu. Wathi: “Abba, Baba! Konke kungenzeka kuwe. Susa kimi lesi sitsha, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kepha njengokuba Wena uthanda.”
Wayesebuyela kubafundi bakhe, wabafumana belele; wayesethi kuPhethro: “Simoni, ulele na? Ubungelinde nje ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni. Umoya uyavuma, kodwa inyama ibuthakathaka.”
Wabuye wasuka wayokhuleka, ephinda lona lelo lizwi. Waphinde wabuyela kubo, wabafica futhi belele, ngokuba amehlo abo ayesinda ubuthongo; abazanga ukuthi bangamphendula bathini.
Wabuyela kubo ngokwesithathu, wathi: “Namanje nisalele, niphumule. Kwanele, selifikile ihora; iNdodana yomuntu isizokhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe. Niyabona-ke, ongikhaphelayo usesondele.”
Kuthe nje uJesu engakaligwinyi, kwase kufika uJuda, omunye wabali-12, nesixuku esihlome ngezinkemba nezinduku, sithunywe abaphristi abakhulu, izazimthetho namalunga. Lo omkhaphelayo wayebanike uphawu lokuthi: “Lowo engiyakumanga, nguye; mbambeni, nihambe naye nimqaphile.”
Esefikile uJuda wasondela kuJesu ngokushesha, wathi: “Rabi!” Wayesemanga. Base bemdumela, bambopha. Omunye kwababemi lapho wahosha inkemba, wayigenca inceku yomphristi omkhulu, wayinquma indlebe.
UJesu wathatha wathi kubo: “Niphume sengathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukuba nizongibamba. Benginani imihla ngemihla ethempelini, ngifundisa, anizange ningibambe; kodwa ifanele ukugcwaliseka imibhalo.”
Base bemshiya bonke, babaleka. Insizwa ethile eyayimlandela, yayembethe ingubo yelineni emzimbeni; bayibamba, kodwa yayishiya ingubo yayo yelineni, yabaleka inqunu.