NgokukaMathewu 27:27-44

NgokukaMathewu 27:27-44 ZUL20

Amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, ayeseqoqela kuye iviyo lonke lamabutho. Amhlubula izingubo zakhe, amembathisa ingubo ebomvu, eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Esembhinqile, amkhumula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, ahamba naye ayombethela esiphambanweni. Kuthe amabutho esaphuma lapho, ahlangana nomuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amphoqa ukuba athwale isiphambano sikaJesu. Esefike endaweni okuthiwa yiGolgotha, okusho iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza. Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho, ayesehlala lapho, amqapha. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala ayethweswe lona, kubhalwe kwathiwa: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwakubethelwe kanye naye abaphangi ababili; omunye engakwesokunene, omunye engakwesokhohlo. Ababedlula bamhlambalaza, benikina amakhanda abo, bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.” Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa Yena. Uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni; sizakukholwa nguye. Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 27:27-44