Kwase kufika indoda okuthiwa nguJayiru. Le ndoda eyayingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo, ngokuba yayinendodakazi eyodwa vo, eneminyaka eli-12, eyayigulela ukufa.
UJesu esaya lapho isixuku samminyanisa. Owesifazane owayenesifo somopho iminyaka eli-12, owayesezame kwabaningi efuna ukuphulukiswa kodwa akaze akuthola. Wasondela ngasemuva, wathinta umphetho wengubo kaJesu, umopho wathi nqamu, khona manjalo. UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?”
Lapho bonke bephika, uPhethro wathi: “Nkosi, izixuku zikuhaqile futhi ziyadudulana ukuba zisondele kuwe.”
Kepha uJesu waqhubeka wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile amandla ephuma kimi.”
Owesifazane ebona ukuthi ngeke esazifihla, weza ethuthumela, waziphonsa phambi kukaJesu, walanda phambi kwabo bonke abantu ukuthi nguye othinte ingubo kaJesu, nokuthi uphulukiswe kanjani khona manjalo. UJesu wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ngokuthula.”
Esakhuluma uJesu, kwafika othile evela emzini womphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”
UJesu emuzwa lowo, waphendula wathi kuye: “Ungesabi; kholwa kuphela; indodakazi izakusinda.”
Sebefikile endlini yomphathi wesinagoge, akavumelanga muntu ukuba angene endlini naye, kuphela uPhethro, uJohane, uJakobe uyise nonina bentombazane. Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.”
Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela. Kepha Yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!”
Khona manjalo umoya wayo wabuyela kuyo, yavuka ngokushesha; wabayala ukuba bayinike ukudla. Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.