Wafika eNazaretha lapho akhulela khona, wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengalokhu ayevame ukwenza kanjalo, wasukuma ukuba afunde. Wanikwa umqulu ka-Izaya, umphrofethi, wawuvula, wafumana indawo okulotshwe kuyo kwathiwa: “UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, ukuvula amehlo ezimpumputhe, ukuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela unyaka omuhle weNkosi.” Wawugoqa umqulu, wawunika isikhonzi, wahlala; amehlo wonke ababesesinagogeni amgqolozela. Waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo njengoba nizwa ngezenu izindlebe.”
Funda NgokukaLuka 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 4:16-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo