NgokukaLuka 2:15-20

NgokukaLuka 2:15-20 ZUL20

Kwathi ukuba zihambe izingelosi, zibuyela ezulwini, abelusi bathi omunye komunye: “Masihambe manje siye eBhethlehema, sibone le nto eyenzekileyo, iNkosi esazise ngayo.” Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni. Sebebonile, balanda ngalelo lizwi ababelitsheliwe ngalo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo.