NgokukaLuka 11:1-11

NgokukaLuka 11:1-11 ZUL20

Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.” Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi: “ ‘Baba, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; sithethelele izono zethu, njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni.’ ” Wayesethi kubo: “Ngubani kini othi enomngani, aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: ‘Mngani, ake ungenanele izinkwa ezintathu, ngokuba ngifikelwe ngumhlobo wami osohambeni, kepha anginalutho engingamupha khona adle;’ bese umngani esendlini aphendule athi: ‘Ungangihluphi; sekuvaliwe emnyango, sesilele, mina kanye nabantwana bami; anginakuvuka, ukuba ngikunike utho.’ Ngithi kini: noma engezukuvuka amnike utho ngokuba engumngani wakhe, kodwa ngenxa yokubelesela kwakhe uyakumnikeza konke akudingayo. “Ngakho-ke ngithi kini: celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngubani kini nina bobaba, okungathi uma indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 11:1-11