NgokukaLuka 1:1-7

NgokukaLuka 1:1-7 ZUL20

Njengokuba abaningi bezamile ukulanda ngokuhlelekileyo ngalezo zindaba ezigcwaliseke phakathi kwethu, njengalokhu basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, futhi beyizikhonzi zezwi, nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo, ukuze wazi ukuqiniseka kwalezo zindaba ozifundisiweyo. Kwakukhona emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya, umphristi othile, ogama lakhe nguZakhariya, esigabeni sika-Abhiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elizabethe. Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki. Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.

Ama vidiyo ahlobene nalokhu

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 1:1-7