UJona 3:1-10

UJona 3:1-10 ZUL20

Izwi likaSimakade labuye lafika kuJona okwesibili, lathi: “Phuthuma uye eNineve, umuzi omkhulu, ufike umemezele kuwo umyalezo engikutshela wona.” UJona wayesesuka waya eNineve, njengokusho kwezwi likaSimakade. INineve kwakungumuzi omkhulu; ukudabula kuwo kwakungathatha izinsuku ezintathu. UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!” Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane. Izwi lafinyelela ngisho nasenkosini yaseNineve, yase isuka esihlalweni sayo, yakhumula ingubo yayo yobukhosi, yembatha indwangu yesaka, yahlala emlotheni. Yamemezela eNineve ngokwesimiso senkosi nezikhulu zayo, yathi: “Makungabi bikho muntu nemfuyo, mhlambi wankomo, namvu, nambuzi okuzodla noma namanzi, kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe. Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.” UNkulunkulu wabona ukuthi sebephendukile ebubini babo, wase eyithambisa inhliziyo yakhe, wanquma ukungabe esababhubhisa njengoba ebeshilo.

Funda UJona 3

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJona 3:1-10