USimakade wayesemphendula uJobe esesivunguvungwini, wathi: “Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise. Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda. Ngubani owamisa izilinganiso zawo, ngabe uyazi na? Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na? Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi, lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na? “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini, ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo, nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha
Funda UJobe 38
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJobe 38:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo