NgokukaJohane 14:23-26

NgokukaJohane 14:23-26 ZUL20

UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo. “Nginitshelile lokhu ngisahleli nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Ividiyo ye- NgokukaJohane 14:23-26