UJesu wathi kuye: “Angikutshelanga yini ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu na?” Balisusa-ke itshe. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga, ngokuba ungizwile. Bengazi Mina ukuthi uhlala ungizwa, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngikushilo lokho, ukuze sikholwe wukuthi nguwe ongithumileyo.” Esekushilo lokho, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.” Waphuma obefile eboshwe ngezindwangu ezinyaweni nasezandleni, ubuso bakhe bumbozwe ngesiqephu sendwangu. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”
Funda NgokukaJohane 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 11:40-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo