NgokukaJohane 10:14-18

NgokukaJohane 10:14-18 ZUL20

“Mina ngingumelusi omuhle. Ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. Nginezinye izimvu ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo kufanele ngiziqoqe, ziyakulizwa iphimbo lami, bese ziba mhlambi munye nomelusi munye. Ngakho-ke uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthathe futhi. Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”

Ividiyo ye- NgokukaJohane 10:14-18